Inkampani yaphesheya ngeke yakwazi ukwenza isicelo sokubhalisa eNingizimu Afrila. Zinkampani ezibhalise lapha ezweni kuphela, isakhamuzi saseNingizimu Afrika, noma inhlangano esemthethweni ebhalise eNingizimu Afrika engenza isicelo sobhaliso lwemithi yezolimo.
The Registrar: U-Act 36 of 1947 kumele aziswe ngokubhala ngenhloso yokuqhuba imisebenzi yama-trial okudingekayo ukubhalisa imithi yezolimo ukuze ahlele ukusebenza kwayo.
U-Registrar angadinga olunye ulwazi ukuze akwazi ukwenza isinqumo maqondana nokuthi ngabe imithi yamukelekile noma cha, lokhu ekwenzela izidingo zesizwe, ukufaneleka kanye nokusebenza kwayo kwezebhayoloji.
Thola ifomu lesicelo kwi-website, ebese uligcwalisa ngokuphelele. Lapho kufanele, ulwazi olucelwayo lungafakelwa njengama-attachment aseceleni afakelwe izinombolo.
ichweba noma indawo engena kulo izinga lomthamo inqubo ezolandelwa yokurekhoda ucwaningo lokuhlola nokubheka imiphumela yokulingwayo ngendlela yezesayense indawo lapho okuzokwenziwa khona ucwaningo lokuhlola izithako ezikhona noma yiluphi olunye ulwazi olungadingwa ngu-Registrar inani lemithi ozongeniswa ezweni.
Izicelo ezingagcwalisiwe ngokuphelele, zizobuyiselwa kumenzi wesicelo kanti ngeke samukela emahlombe ethu ukuphazamiseka okungabakhona.
Ukubuyekezwa kwesithako esisebenzayo kungathatha isikhathi esifinyelela kunyaka owodwa. Izicelo zokusetshenziswa ekugcineni , noma ukuhlelwa kabusha zivamise ukubonelelwa esikhathini sezinyanga eziyisithupha.
Ihhovisi lika-Registrar njalo ngonyaka lithumela izincwadi ngokuvuselelwa kobhaliso kanye namafomu ezicelo kubo bonke ababhalisile.
